Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

KUBOSHWE ABABILI NGOKUBULAWA KUKATHISHA WASEPHIKISWAYO PRIMARY SCHOOL PHAMBI KWABANTWANA

Posted on 28 October 2024

Abaseshi bophiko lweProvincial Serious and Violent Crimes babophe abasolwa ababili ngecala lokubulala uthisha (46) wasePhikiswayo Primary School, eNtuzuma. Uthisha wadutshulwa kabuhlungu emagcekeni esikole ekuseni zingama-29 kuJulayi 2024.

Imibiko ithi owesilisa wangene esikoleni, wacela ukubona uthisha, wabe esemdubula amahlandla amaningi kubuka wonke umuntu ngaphambi kokuba abaleke. Washonela endaweni yesigameko. Amaphoyisa akholwa wukuthi kungenzeka ukuthi lothisha wadutshulwa ngoba ubengufakazi ecaleni elithinta isiboshwa sasejele laseWestville. Uphenyo luthathwe wuphiko lwamacala abucayi nodlame.

Ngomhla zingama-24 kuMfumfu, amaphoyisa abophe abasolwa ababili ngaloludaba, okuyilowo osolakala ngokudubula kanye nosolakala ngokumsiza. Ngosuku olulandelayo, amaphoyisa athole isibhamu nejakhethi okukholakala ukuthi kwasetshenziswa ukubulala. Isibhamu kubikwa ukuthi sebiwa esigamekweni sokubanjwa inkunzi ngo-2023.

Abasolwa, abaneminyaka engu-36 no-41, bazovela eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma ngo-Okthoba 28 ngamacala okubulala. Isiboshwa esimataniswa naleli cala okucatshangwa ukuthi singungqondongqondo naso sizobhekana namacala enkantolo maduze.

Recent Posts

  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION
  • UZOLALISA OKWENGANE NAMUHLA OPHUNYULE KWELIKATHABO BESTER NOMAGUDUMANA
  • UFUNA KUBHEKISISWE INDABA YABOKUFIKA UNDUNANKULU WAKWAZULU-NATALI
  • USEZOKWAZI UKUKHIPHA UMCULO FUTHI USIPHOKAZI EMVA KOKUVALELEKA NGAHANDLE ENDIMENI IMINYAKA
  • UVELE ENKANTOLO UNKOSIKAZI OSOLWA NGOKUBULALA UMYENI NGENXA YOMSHWALENSE

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme