Umethuli wezinhlelo zikamabonakude kanye nomsakazi uMoshe Ndiki uvezele abalandeli bakhe okokuqala ngqa abantwana bakhe abangamawele.
Okungejwayelekile ukuthi laba bantwana ubathole ngohlelo lwesayensi yesimanje esebenzisa lokhu okubizwa ngeSarogacy mother. Loluhlabo likwazi ukuhlanganisa imbewu yowesilisa kanye neqanda lowesifazane ngaphandle kokwenza ucansi kuphume umtwana.
Lo msakazi uveze ukuthi uqambe abafana bakhe ngokuthi Thalanda Alexander Moshe Ndiki noNtaba Lehlohonolo Siyolo Ndiki.
Abalandeli bakhe bakhombise ukujabulela lezi zindaba futhi babongela lensizwa ngokuzibula ngamawele. Nosaziwayo nabo babhale ezinkundleni zabo zokuxhumana behalalisela uzakwabo,
ULerato Kganyago uphawule wathi: “Ngicela ungiphe wona.”
UMoshe akashongo ukuthi la mawele azalwa nini kodwa eminye imibiko ithi afika ngo-2023.
Lo methuli wezinhlelo kumabonakude uqale ukuxoxa ngezindaba zamawele ngoMashi nyakenye.