I-Independent Electoral Commission of South Africa (IEC) ithi abantu ababhalisela ukhetho oluzayo sebedlule ku-27 million – lokhu ngokokuqala ngqa selokhu kwaqala umbuso wentando yabantu.
Ikhomishana ibilokhu ibuyekeza abezindaba ngesimo sayo sokulungela ePitoli ngoLwesithathu, ngaphambi kwempelasonto yesibili yokubhalisela ukuvota.
Uma ibheka ngesibalo sabantu ababhalisele ukubhalisa kuze kube manje, i-IEC ithe abantu abaneminyaka ephakathi kuka-30 no-39 yibona abanesibalo esiphezulu sabantu ababhalisile.
Isikhulu esiphezulu sokhetho – USy Mamabolo: “Sikhuthazekile ukuthi sifinyelele kulesi sibalo sabantu abayizigidi ezingu-27 ohlwini lwabavoti, ngaphambi komcimbi wesibili wokubhalisa ohlelelwe le mpelasonto.”
Khona manjalo iziboshwa zaseKgosi Mampuru Correctional Centre zithole ithuba lokubhalisa ngoLwesithathu.
Izikhulu ze-IEC zifike esikhungweni ekuseni izolo ukuze zincede iziboshwa ukuthi zisebenzise ilungelo lazo lentando yeningi lokuvota okhethweni oluzayo.
Ikhomishana ichitha isikhathi esiningi sasekuseni kulesi sikhungo yenza lula uhlelo lokuthi iziboshwa zibhale izincwadi ezidingekayo ukuze zibhalise.
Ngasekuqaleni kwaleli sonto, i-IEC ithumele isicelo emindenini yeziboshwa ukuba ilethe omazisi bezihlobo zabo eziboshiwe.
Lomkhankaso wamukeleke ngesasasa elikhulu yiziboshwa ezibhalisele uuvota kulesi sikhungo.
Ukubuyekezwa kwenani lababhalisile okuhlanganisa nokubhaliswa kuzwelonke kwale mpelasonto kuzomenyezelwa yikhomishini ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.