Izolo ebusuku kuqubuke umlilo efemini yakwaCoca-Cola, eGauteng, okudale ukuthi izimoto eziningi zithungeleke ngomlilo. Amaqembu e-Fidelity SecureFire afika ngokushesha futhi asebenza kanzima ukunqanda umlilo ukuthi ungabhebhetheki.
Ngesikhathi ithimba lifika endaweni yesigameko, lifice izimoto eziningi sezishile. Bathatha isinyathelo ngokushesha ukuze umlilo ungafinyeleli ezakhiweni zefekthri, obungase ubangele umonakalo omkhulu. Ngenxa yomsebenzi wabo osheshayo, umlilo wanqandwa, futhi imboni yagcinwa iphephile.
Iziphathimandla zendawo, ezihlanganisa abezicishamlilo namaphoyisa, nazo zifikile zizosiza futhi ziqale uphenyo. Kumanje kubhekwa imbangela yomlilo kodwa kukholakala ukuthi kungenzeka ukuthi kube nenkinga kagesi kwenye yezimoto.
Akekho olimele emlilweni. Imboni yakwaCoca-Cola ivaliwe okwamanje ngenkathi izikhulu zihlola indawo ukuqinisekisa ukuthi iphephile ngaphambi kokuthi kuqale umsebenzi.