Umphakathi waseGlenwood udlulise amazwi enduduzo emndenini wengane encane, etholwe isishonile endaweni yokubhukuda, ngempelasonto.
USyanqoba Msweli, 4, uduke kwasabalala imiyalezo ezinkundleni zokuxhumana ngokushesha kucelwa usizo lokuhlanganisa lo mfanyana nomndeni wakhe. Ugcine ukubonakala ngeSonto ekuseni, edlala engadini emzini oseGlenwood.
Ikhansela lesigceme, u-Fran Kristopher, libhale ukuthi umfana utholwe ku-swimming pool.
“Kuyadabukisa ukuthi kufanele ngibhale ukuthi umfanyana obelahlekile kusukela ekuseni eGlenwood utholwe kusihlwa egwilize ku-swimming pool,” kufundeka lo mbhalo.
“Ngibonga kakhulu kuwo wonke umuntu ojoyine iqembu lokusesha. Kuyadabukisa ukuthi ukusesha kuphelile kabuhlungu. Sengathi le ngelosi encane ingaRIP,” enezela.
I-Umbilo Community Policing Forum nayo idlulise amazwi enduduzo emndenini.
“Ngicela ugcine umndeni emithandazweni yakho,” kwengeza i-CPF.