Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

ISIZIVALELE ENDLINI IMINYAKA ENGU-56 INSIZWA ESABA ABANTU BESIFAZANE

Posted on 23 October 2023

Isiphila ngempela isisho esisha esithi, “emva kokwesaba uNkulunkulu, saba abantu besifazane” insizwa yasezweni laseRuanda. Lensizwa ogama layo nguCallitxe Nzamwita edabuka enhla neRuanda esifundeni esaziwa nge Nothern Province endaweni yaseMusanze, isichithe iminyaka engaphezu kwamashumi amahlanu izivalele ngayodwana endlini ngenxa yokwesaba abantu besifazane.

UNzamwita uthi lokhu kwesaba amantombazane kumqale eneminyaka engu-16 njengoba ena-71 njengamanje. Akanalo ulwazi lokuthi kungani ebesaba kangaka abantu besifazane kodwa impela uvele aqhaqhazele angenwe yitwetwe uma eke wathi nhla wabona isibhuda.

Lensizwa ithi akuthi ndiki ukuthi ayikaze ibe nomuntu wesimame, futhi isanquma ukuthi izivalele ingaphumi naphandle ngoba abantu besimame bagcwele yonke indawo le. “Uthi uyaphuma endlini uzithele phezu kwabo! Mina angazi ukuthi kanti yini babe baningi kangaka!!” Kusho uNzamwuta enyipha.

Omakhelwane bayo lensizwa iningi labo elingabantu besifazane lithi selokhu kwathi nhlo lensizwa ayibafuni nokuthi ibabone. Kwala noma bezidlisa satshanyana bethi bayipha ukudla, ithatha ukudla maqede ingababheki nakubabheka ishingile ingene endlini yayo ivale thanqa, ISHUDE!

Odokotela bengqondo bathi lensizwa inesifo esibizwa ngokuthi yiGynophobia okuyisifo sokwesaba abantu besifazane. Ongoti bathi lesi sifo singadalwa yizinto ezehlukene, okungabalwa kuzo ukuhlukumezeka usemcane uhlukunyezwa yibo abesifazane.

Thina ke ngakithi eMnambithi lesi sifo sisibiza ngokuthi ubugwadi

Recent Posts

  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO
  • KUNCONYWA OWESIFAZANE OQHAMUKE NENDLELA ENTSHA YOKUGUQULA INDLE IBE WUMQUBA
  • USHAQEKILE UMPHAKATHI WASEROSBOM KUNTSHONTSHWA UMTWANA(1) ENDLINI KUBO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme