Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

ISIHLUKU UMLISA EBHOKODA OMUNYE NGOMBESE ABANTU BEBUKA

Posted on 11 November 2023

Abakakholwa namanje yinto abayibonile abasebenzi basemayini iSibanye Still Water eRandburg eGoli izolo. Amavideo kanje nezithombe ezinyantisayo zisabalale ezinkundleni zokuxhumana izolo zikhombisa umlisa mumbe ebhokoda omunye ngombese phambi kwabantu emini kwa bha.

Kulevideo leliphephandaba elinayo, lomlisa ubonakala egwaza ephindelela omunye umlisa elele phansi okubokala engathi ubesevele eshonile. Levideo ilandelwe wuxhaxha lwezithombe ezaziwa ngokuthi ama-selfie okuthiwa ebeshuthwa yiyo lensizwa nomufi eseshonile.

Abazibonele ngamehlo bathi lensizwa iqale ngokumnquma uqhoqhoqho umufi maqede yamgwaza iphindelela entanyeni nasesifubeni. Kuthiwa ke ayigcinanga ngalokho kodwa ibe isimqhaqha isisu ngawo belu umbese lo yamkhipha amathumbu ngaphandle, yase ikhipha umakhalekhukhwini yashutha naye amathumbu esabalele ngaphandle enjalo.

Abenkampani iSibanye Still Water bakuqinisekisile ukuthi lesi sigameko senzekile kodwa bayaphika ukuthi senzeke ngaphakathi ejalidini lenkampani,”Sitsheliwe ngalesi sigameko, kodwa asenzekanga ngaphakathi emayini kepha senzeke ngasezitolo ezikude buduze nemayini.” kuchaza lowo okhulumela lenkampani uMnumzane James Wellstead.

UWellstead uphinde wakuqinisekisa ukuthi umufi usebenza khona emayini yabo kodwa umbulali yena wake wasebenza kodwa waxoshwa ngenxa yezizathu angazidalulanga.

Akucaci ukuthi lezi zinsizwa bezibangani. Kanti futhi akwaziwa noma likhona yini icala eselivuliwe ngalesi sehlo.

Recent Posts

  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO
  • KUNCONYWA OWESIFAZANE OQHAMUKE NENDLELA ENTSHA YOKUGUQULA INDLE IBE WUMQUBA
  • USHAQEKILE UMPHAKATHI WASEROSBOM KUNTSHONTSHWA UMTWANA(1) ENDLINI KUBO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme