Sekshone abahlanu kwalimala ababili engozini enyantisayo emgwaqeni onguthela wayeka uN3 ngaseMnambithi.
Esikhathini esingengakanani esedlule i-IPSS Medical Rescue ithole imibiko yokushayisana kwemoto kulendawo.
Ngesikhathi befika abezimo eziphuthumayo bahlangabezane nesigameko esinyantisayo lapho izimoto ezimbili bezishayisane khona zihamba ngesivinini esiphezulu.
Ngokudabukisayo, kwatholakala ukuthi umuntu oyedwa obegibele enye yalezi zimoto ushonile.
Ngesikhathi kuhlolwa abebesemotweni yesibili kutholwe ukuthi ingane ilimele kanzima kanti umuntu omdala ulimele kancane. Iziguli zihlengiwe endaweni yesigameko zase zithuthelwa ezikhungweni eziseduze ukuze ziyothola usizo oluphelele. Okudabukisayo abanye abane abebehamba ngemoto yesibili kuthiwa bashonile.
Sikhalisana nabangani nomndeni kamufi.
Amaphoyisa akwa-SAPS sikhuluma nje asendaweni yesigameko.