Njengoba sekubhekwe ukuphepha ezikoleni kuleli sonto, izinyunyana zothisha KwaZulu-Natal zithi abafundi nothisha kumele bavikelwe kangcono. NgoMsombuluko, uthisha oneminyaka engu-46 ubudala wasesikoleni samabanga aphansi eNtuzuma udutshulwe wabulawa oshayasibhamu ababili kubuka abafundi bakhe.
Ngalo lolo suku kwagwazwa umfundi ka-matric washona okusolakala ukuthi ugwazwe ngumfundi oneminyaka engu-15 KwaNongoma.
NgoLwesibili othisha baseMukelani Primary School KwaMashu esigcemeni sakwa-H babanjwe inkunzi bekhonjwa ngesibhamu yiqembu lezigelekeqe eligasele esikoleni.
UMnuz Nomarashiya Caluza weSouth African Democratic Teachers Union (Sadtu) KZN uthi kuyacaca ukuthi izinhlelo ezikhona zokuphepha azisebenzi.
“Umbono wethu njenge-SADTU uthi kumele kube nemihlangano yemiphakathi [egxile] ezikoleni zethu ukuze nemiphakathi izibophezele ekuqinisekiseni ukuphepha kwezikole, abafundi, othisha nabasebenzi kulezo zikole.
“UMnyango wezeMfundo kumele ubeke eqhulwini ukuphepha nokuphepha ezikoleni zethu ngoba ngeke ube nokufundisa nokufunda okuseqophelweni eliphezulu ezikoleni uma othisha nabafundi bebona sengathi abaphephile.
UMnuz Thirona Moodley weNational Professional Teachers’ Organisation of South Africa (Naptosa) KZN uthi othisha sebephenduke izisulu zezigebengu.
“Lokhu sekudale ukuthi abafundi babukele futhi babe ngofakazi bobugebengu obunyantisa kangaka endaweni yabo yokufunda. Unogada oyedwa esangweni lesikole akanele, kumele sibheke imiphakathi ukuze ivikele izikole nemiphakathi ibabike abenzi bobubi. emaphoyiseni ngokungaziwa ukuze aphendule.”