Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

IQEMBU LE-MK LIHLINZEKE ABAFUNDI BAKAMATIKULETSHENI BASEWEMBEZI HIGH NGAMANZI NONOGADA

Posted on 26 October 2024

Iqembu loMkhonto Wesizwe eMtshezi lihlinzeke abafundi bakamatikuletsheni ngamanzi ahlanzekile njengoba bechitha isikhathi esiningi besesikoleni njengoba bezilungiselela ukubhala izifundo ezehlukahlukene.

Leliqembi, lithi libone isimo esingesihle kwesinye sezikole eziselokishini laseWembezi iWembezi High School base benquma ukungenelela. Ngokusho kwelunga laleli qembu elikhulume naleliphephandaba lithe banqume ukungenelela ngoba kunabantwana abahlala ngaphakathi esikoleni njengoba kubhalwa izivivinyo zikamatikuletsheni nje.

“Kunesimo sokuthi isikole sanqanyulelwa amanzi uMaspala uThukela ngenxa yezinkinga ezithinta i-account yesikole, njengeqembu le-MK sibone kuncono singenelele ngokuthi okungenani sibalethele abantwana amanzi,” kuchaza uMncedisi Makuyi we-MK.

uMakuyi uqhube wathi babuye bazinikela ukuhlinzeka ngabaqaphi abazoqapha lezi zingane njengoba zifunda ebusuku nje ukuze ziphephe,”Izingane ihlala ngaphakathi esikoleni, okungadala ukuthi izigilamkhuba ithole ithuba lokuganga, yingakho sinqume ukuhlinzeka ngabaqaphi abazobaqapha ebusuku,” kuqhuba yena uMakuyi.

Leliqembu liphinde laxoxa nesikole mayelana nelambu eliseduze kwesikole elingasakhanyi. Kucelwe uthishanhloko ukuthi lilungiswe, kanti nomaspala nawo wethembisile ukuthi leli lambo lizolungiswa ukuze kuqiniswe ezokuphepha.

Recent Posts

  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION
  • UZOLALISA OKWENGANE NAMUHLA OPHUNYULE KWELIKATHABO BESTER NOMAGUDUMANA
  • UFUNA KUBHEKISISWE INDABA YABOKUFIKA UNDUNANKULU WAKWAZULU-NATALI
  • USEZOKWAZI UKUKHIPHA UMCULO FUTHI USIPHOKAZI EMVA KOKUVALELEKA NGAHANDLE ENDIMENI IMINYAKA
  • UVELE ENKANTOLO UNKOSIKAZI OSOLWA NGOKUBULALA UMYENI NGENXA YOMSHWALENSE

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme