U-Pick n Pay usecele kubbuyiswe izinhlobo ezintathu zebhotela elidayisa ezitolo zabo okuyi No Name Smooth Peanut Butter, Eden Smooth Peanut Butter kanye ne-Eden Crunch Peanut Butter – adayiswa ezweni lonke.
Lesi sitolo sithi sithole ukuthi lemikhiqizo itholakale ukuthi inamazinga aphezulu ekhemikhali ebizwa nge-aflatoxin okubeka engcupheni izimpilo zabantu abangayisebenzisa.
U-Pick n Pay uthi usexoxisane neKhomishini Kazwelonke Yabathengi kanye noMnyango Wezempilo Kazwelonke, i-Directorate Food Control ngalolu daba. Kubika uNaledi Ngcobo.
“UPick n Pay ukhuthaza amakhasimende ukuthi abuyisele imikhiqizo emithathu yebhotela lamantongomane kunoma yisiphi isitolo sakwa-Pick n Pay ukuze abuyiselwe imali egcwele. Ithi nakuba i-Aflatoxin iyi-mycotoxin eyenzeka ngokwemvelo, amazinga atholwe ngesikhathi sokuhlolwa ayephezulu kunomkhawulo oyilawulayo. les sitolo sithi emzamweni wokubeka phambili impilo nokuphepha kwamakhasimende kuzobuyiselwa imali ephelele yemikhiqizo ethintekayo yebhotela lamantongomane enosuku lokuphelelwa yisikhathi phakathi kwamanje noJulayi 2025. Ithi nokho amakhasimende akhathazekile amukelekile ukuyibuyisela le mikhiqizo noma ingekho kulesi sikhathi esibekiwe noma nga be sekuvuliwe.