Usihlalo we Inkatha Freedom Party(IFP) KwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli usememezele ukuthi amabombo azobheka oNdini kulempelasonto.
Kanti uNtuli kulezinsuku uhambele izindawo ezahlukena lapho etshela amalunga enkatha ukuthi ngesonto awaphelele oLundi lapho ezothula khona usomqulu wezithembiso zokhetho zesifundazwe sakwaZulu Natal.
Ngolwesibili iNkatha ihambele ubukhosi bakwa Mchunu eLimehill lapho uNtuli beyohlangana neNkosi eyocela izibusiso nokuvotelwa isizweni saMachunu.
INkosi uSiyabonga Mchunu oyiNkosi yamaChunu eLimehill yabusisa uNtuli ukuthi anqobe abe nguNdunankulu wesizwe SaKwaZulu-Natal ngemvako khetho.
uMacingwane uthi uma osopolitiki sebese mandlwni abayeke ukuhambela kude nemiphakathi abasondele emiphakathini bechaze uma benezinkinga ikakhulu kazi ezamanzi.
uNkosi uMchunu uthi kuye nguNtuli yedwa osacele ukubona isizwe samaChunu yingakho embusisa kodwa uma kusekhona amanye amaqembu afuna ukumbona hhayi izandla uzivulile.