Iqembu iNkatha Freedom Party ibambisane ne DA babambe isithangami sabezindaba ngolwesihlanu eMhlanga eThekwini nalapho bebezoveza ezakamuva ngokubambisana kwabo ekuhambiseni izidingo emphakathini abawuholayo.
INkatha ngokuphawula kuka sihlalo waleliqembu esifundazweni iKwaZulu-Natal Mnu Thami Ntuli ithe kunomasipala abadinga ukuba bangenelele ngokuphuthuma kubona. kulabo maspala kukhona nomaspala wasoThukela nalapho achaze isimo sakhona njengesibi kakhulu.
uNtuli uthi lomaspala sekuphele iminyaka eyisikhombisa ungaphansi kweso lomlawuli, nathi abakuboni kuwusebenzela lokho umphakathi. Uqhube wathi yingakho bona njengeqembu sebenqume ukunikela enkantolo ukuze kubuyekezwe loludaba luka mlawuli kulesifunda.
Lomholi uphinde waveza nodaba lwesikweletu esibalelwa ku 800 Million abasifica kulomkhandlu okudingeka basikhokhe ukuze bezokwazi ukuqhubekela phambili behambise izinsiza emphakathini.
Lamaqembu athi ayethemba ukuthi ukubambisana kwawo kukhetho oluzayo kuzobasiza kakhulu ukukhipha iANC esihlalweni.