Njengoba kungunyaka wokuvota kuleli amaqembu aseqalile aphume umkhankaso wokunxenxa abantu kuzozonke izindawo kuleli ukuba baphume ngobuningi ukuyobhalisela ukuvota.
Osukwini layizolo ushlalo weqembu lenkatha yenkululeko yesizwe Othukela uMnu Mbuzeleni Mkhize uhole umkhankaso weqembu leNkatha eBergville ngaphansi komkhankaso othi #KUNGAWE.
Amalunga aleliqembu abegqoke imifaniswano yeqembu agcwale izitaladi zedolobha egqugquzela abantu ukuba beyobhalisela ukuvota nokuzilungiselela ukuya eMabhida lapho kuyobanjelwa khona imanifesto yeqembu.