Isikhwama seRoad Accident Fund (RAF) sibize “njengesimanga” isinqumo seNkantolo eNkulu esikhishwe kuleli sonto esibeke eceleni imithetho emisha edinga abakwamanye amazwe ukuthi baveze ubufakazi bokuthi babekuleli ngokusemthethweni ngesikhathi behlelwa yizingozi.
Ibhentshi eligcwele leNkantolo eNkulu yasePitoli ngoLwesibili lithole ukuthi asikho Isidingo sokuthi abokufika kuleli balethe ubufakazi bokuthi bakuleli ngokusemthethweni ngaphambi kokuthi bakhokhelwe imali yesibonelelo sezingozi zomgwaqo.
Iphinde yathola ukuthi iRAF kanye nongqongqoshe wezokuthutha benze okungaphezu kwamandla abo ngesikhathi bethula le mithetho emisha.
UMcIntosh Polela walesi sikhwama uchaze kanje, “Sikuthola kuxakile, kodwa sizothini ngoba sihlonipha amajaji, ukuthi afinyelela kulesi siphetho ngoba kuwumsebenzi wethu ukuthobela yonke imiyalelo yoMthetho. Isibonelo, isigaba 42 soMthethosisekelo I-Immigration Act idinga ukuthi noma ngubani osebenzelana nomuntu wokufika abone isimo salowomuntu ukuthi siyamvumela yini ukuthi abe kuleli futhi abike isimo esinjalo kuMnyango Wezasekhaya. ukusiza kanye nokuvimbela ukungabi semthethweni.”
Mayelana nalokhu, uPolela uthe bahlela ukufaka isicelo sokubuyekeza.
“Njenge-RAF, kubaluleke kakhulu ngathi ukuthi sidlulise icala futhi siguqule isimo esidalwe yisinqumo.”