Iqembu le-AfriForum lithi inqubomgomo yolimi kuMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Yezemfundo Eyisisekelo (BELA Bill) ibeka engcupheni enkulu impilo yabantu abakhuluma isiBhunu.
Leli qembu nezinye izinhlangano ezingu-40 namuhla zizomashela uMthethosivivinyo eFreedom Park ePitoli.
Isikhulu se-AfriForum, uKallie Kriel, sithi inhloso yale mashi ukuthumela umyalezo ocacile ngokubaluleka kokugqugquzela ukufundiswa ngolimi lwebele.
Uthi le mashi ihlose nokugcina umoya wesivumelwano sika-1994 sokuthi imiphakathi yamasiko izosinda.
“Lokhu kuzoba wuhlelo lokucekela phansi izikole zesiBhunu. Kithina njenge-AfriForum nakubantu abaningi besiBhunu, izikole ziwumgogodla wokuphila kwamasiko. Khumbula ngokungafani neminye imiphakathi yamasiko ezweni, abantu abangamaBhunu abanazo izindawo zendabuko lapho isiko labo lingachuma khona, nolimi lungachuma. Futhi lesi senzo asikona nje ukuhlasela isikole, empeleni siwukuhlasela kokusinda kwamasiko kubantu abaningi.”