Kusabalale umbiko ezinkundleni zokuxhumanza ngokumiswa kwaloyo ongumphathi wokhozifm uNksz Sibongi Ngcobo ngodaba oluthinta ukungahambisi kahle kwakhe ukuqokwa kwengoma ehlukanisa unyaka Kanye nokungaphathi kahle abasebenzi.
Inhlangano yezokusakaza kuleli iSABC ikhiphe isitatimende osuwini layizolo nalapho ichithe khona lombiko yokuthi umphathi wokhozi umisiwe futhi uyaphenywa, inhlangano ithi iyazi ngezinsolo ezingamampunge ezibhekiswe ku MaNgcobo liqeqebane labathize.
Lenhlangano igcizelele ukuthi uNksz Ngcobo usengumphathi wokhozi futhi osalokhu ehole kahle kulona selokhu angena njengoba lomsakazo uze wamenyezelwa njengohamba phambili ngonyaka owedlule.