Umndeni wakwaNgubane eMabomvini, eMsinga, ubhekene nenkinga enkulu ngemva kokushiswa komuzi wabo ngomlilo ongaziwa ukuthi uqale kanjani, okushiye umndeni udangele futhi ulahlekelwe yikho konke, kuhlanganise nemali yestokofela esingu-R13 000 yomama bendawo.
UNksz Londeka Ngubane, ilungu lomndeni elihlala eFree State, uthi umlilo uqubuke ngezikhathi zasekuseni, ngesikhathi umoya onamandla usabalalisa amalangabi ngokushesha, kwathi ngaphambi kokuba kufike usizo, izindlu ezintathu eziwolawondi besezishe zaphela kanye nempahla ebiphakathi. Ngenhlanhla, umama wakhona, owayesele yedwa ekhaya, wakwazi ukuphunyuka, njengoba izingane zazisesikoleni.
Nokho, umonakalo ube mubi kakhulu. Imali eyayigcinwe umama yesitokufela somama bendawo, engu-R13 000, nayo ishe yaphela. Le mali bekuzomele yehlukaniswe phakathi kwamakhosikazi endawo ekupheleni konyaka.
Umndeni usala nezindonga zengxenye yomxhaso kuphela, ezosetshenziselwa ukuhlalisa izingane. UNksz Ngubane uveze ukukhathazeka kwakhe ngokwanda kwezigameko zomlilo wequbula endaweni yangakubo, ezingakwazi ukuqedwa, noma ukwaziwa ukuthi ziqalwa ngubani.
Umndeni ucela usizo kubantu bonke abanesandla sokusiza ukuze baphinde bathole izimpahla nezidingo zokuphila. UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu usacwaninga ukuthi ungenelela kanjani ukulekelela umndeni wakwaNgubane.