Umaspala i-Alfred Duma wethule usonkontileka ozokwakha izindawo zokusebenza zabadayisi basemgwaqeni eRenke ese illing Road eMnambithi.
Imeya yaloMaspala UKhansela Zama Sibisi ihambisana neKhansela laseWard 10 uMnumzane Xolani Mngadi kanye nezinye izikhulu zikaMaspala, bavakashele laba badayisi namhlanje lapho bedayisela khona nokuyilapho kwethulwe khona usonkontileka ozokwakha lezi zindlu ezingu 24.

Inkampani eyaziwa ngokuthi Yimpi Projects yiyona enikezwe umsebenzi wokwakha lezi zakhiwo. Imeya yethula inkulumo yayo ithe lezi zakhiwo zizobuyisa isithunzi sabadayisi bakulerenke, “ngifuna ukuthi uma usuphelile umsebenzi wokwakha lezi zindlu bese omunye nomunye wenu ozohlomula abese enikezwa ukhiye wakhe, athi uma eqeda ukudayisa akhiye ahambe aze avule ekuseni esezodayisa futhi. Inhloso yiyo leyo yokuthi nihlonipheke ngoba niyasebenza nani nisebenzela imizi nezingane zenu” Kuchaza Sibisi.
Imeya yethembise laba badayisi ukuthi ayiqedile isazobuya futhi nangonyaka mali ozayo izoletha ezinye izindlu ngoba iyazi ukuthi baningi abadayisi abasebenza kulerenke.
Lomsebezi wokwakha lezi zindlu udle isamba semali engaphezu kwezigidi ezimbili kanti bayisikhombisa abantu abazohlomula ngemisebenzi abaphuma kuyo lewadi.
