Ubashiye benethemba omakhenikha abasebenzela eRenke yama tekisi e-Illing Road umeya kamaspala I-Alfred Duma uKhansela Zama Sibisi.
Labomakhenikha bacela umhlangano naye ngeSonto eliphelile ngoba bekhala ngokuvaleleka ngaphandle ohlelweni lokwakhiwa kwezindlu zosomabhizinisi abancane abasebenzela eMnambithi.
Bathi sebeneminyaka engaphezulu kwemihlanu babhalisa kwamaspala ukuthi nabo bathole ukulekeleleka ngoba uma kuna izimvula bona abakwazi ukusebenza ngenxa yokuthi basebenzela phandle futhi nezindawo abaziqashile zibiza kakhulu.
Bangaphezu kweshumi Omakhenikha abathi bayafisa ukuthola izindlu zokusebenzela.
Kanti umeya kamaspala uMnuz Sibisi uthi umhlangano wakhe nomakhenikha uhambekahle kakhulu njengoba ebezovula izindlu zosomabhizinisi abancane base Illing Road.
Uthi ngeke asishaye indiva isicelo somakhenikha ngoba nabo bayingxenye yosomabhizinisi base Mnambithi basazohlala phansi babuyekeze uhlahlo mali lwabo babone bazobasiza kanjani.
Okhulumela omakhenikha uMnmzane Madoda Gamede uthi uyabonga kakhulu kwiphephandaba uThukela News Times ngokuthi benze imazamo yokubaxhumanisa nomaspala.
Uphinde wabonga umeya kamaspala ukuthi uma becela umhlangano naye angathathi kude kodwa aphuthume azobabona futhi nethemba labo sebelibeke kuyena.