Njengoba izinkinga zokuphakelwa kwabantu ngamanzi Othukela zihkezi zihamba phambili, ziningi izinto ezidala lokho..
UMeya woMkhandlu iNkosi Ntandoyesizwe Shabalala ube nengxoxo emsakazweni iGagasi fm nalapho bekhuluma ngezinhlelo zentuthuko kulomkhandlu.
Okuvelile ngukuthi njengoba ithimba lalomkhandlu lisabalele ezindaweni ezahlukene kulomkhandlu lilungisa izingqalasizinda zamanzi ukuze abantu bathole amanzi ngukuthi kunabasebenzi abavala amapayipi ngamaValvu ukuze amanzi angafinyeleli kubantu, kuthiwa labasebenzi bafuna ama overtime yize umsebenzi bengawenzi, uMshengu uthi ezindaweni ezifana noUitval, Steadville kanye nako Watersmit kutholakale imihlola lapho kuvalwe khona amapayipi kwadingeka ukuthi bona njengomkhandlu balungise leso simo ukuze abantu bathole amanzi.
Enye yezingqinamba ababhekene nayo ngeyokuthi abasebenzi bagoloze ukuyosebenza uma bejutshiwe ngoba bethi azikho izimoto zomkhandlu.
UMeya uthi basezinhlelweni zokuthenga izimoto ezintsha ukuze beOqinisekisa ukuthi banezimoto ezanele futhi ezisesimeni esikulungele ukusetshenziswa.
UThukela lusezinhlelweni zokuvalashela onke amaWard ukuze kusuzakale umphakathi owakhele lomkhandlu.