ikhansela laku Ward 34 ngaphansi kukaMaspala wase-Alfred Duma esifundeni sasoThukela KwaZulu Natali lelule isandla emindenini uyehlukehlukene engamile kahle eyakhele lendawo ngoKhismuzi.
LeWard ekhava izindawo ezifana neLimehill, Tholeni, Stanford kanye naseSidakaneni yakhelwe kakhulu abantu abahluphekayo futhi iningi labantu bakulendawo abasebenzi ikhulukazi intsha, baziphilisa ngemali yezibonelelo zikahulumeni. Ikhansela lalendawo uMnumzane Mzuzwana Magasela ushaye iphakethe lakhe wathenga ukudla okubiza izinkulungwane ezilishumi(R10 000) wanikelela leyo mindeni isimo esibi kakhulu kuyona. Kuhlomule imizi engu 11.
“Angeke sithule sibukelele abantu bakithi bebulawa yindlala ikakhulukazi ngalesi sikhathi sikakhisimuzi lapho abanye abantu bekhithiza khona bethenga ukudla. Inhloso bekuwukulekelela lemindeni ukuthi nayo ifane nabanye ngalokhisimuzi, yize noma singeke siyiqede inhlupheko kodwa njengabaholi kubalulekile ukufaka isandla lapho ungakhona khona,” kusho uMagasela.
Umagasela uthi usebenzise amakomidi ewadini ukuhlonza labo abanesimo esinzima kakhulu kunabanye ngoba yiwona awaziyo umphakathi futhi abawubona zinsuku zonke.