Emva kokuvela kwemibiko ezinkundleni zokuxhumana ethi uMengameli Cyril Ramaphosa ungeniswe esibhedlela samasosha ePitoli, ihhovisi likaMengameli liyaziphika lezi zinsolo.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi umkhulumeli we-ANC kuzwelonke, uMahlengi Bhengu-Motsiri, ememezele ukuthi uRamaphosa ukuchithile ukubonakala kwakhe enkonzweni yaseMbombela kanye nasesithangami sabaholi be-ANC eBushbuckridge.
UMahlengi ubalule izinkinga eziphuthumayo njengembangela yokungabi khona kukaRamaphosa wathi iPhini likaMengameli we-ANC uPaul Mashatile uzobe emele yena kuyo yonke imicimbi yeqembu.
Kuphinde kwasabalala amahlebezi nokuqagela ezinkundleni zokuxhumana njengoba abanye abasebenzisi bethi uRamaphosa uhlaselwe yisifo sohlangothi ngemuva kokucindezelwa yisigungu esiphezulu se-ANC ukuthi esule esikhundleni kanti abanye bazwakalise ukuthi banethemba lokuthi lesi simo asisibi kakhulu.
Okhulumela uMengameli Cyril Ramaphosa, uVincent Magwenya, ukhulume ngamahlebezi akamuva mayelana nempilo kamengameli, waqinisekisa ukuthi usesimweni esihle futhi akakaze alaliswe esibhedlela.
“La mahemuhemu amabi ngempilo kamengameli kanye nokulaliswa esibhedlela awanasisekelo. UMengameli uRamaphosa unempilo enhle, futhi bekungakaze kube khona isimo esiphuthumayo. Emuva kokuhambela umhlangano, unqume ukuchitha usuku lonke esekhaya elungiselela isonto elimatasa,” kusho uMagwenya.