Umholi weqembu i-National Freedom Party (NFP) uMnuz Irvin Barnes kanjalo nobuholi baleqembu kuzwe lonke uvakashele ibandla le-Zulu Congregational Church eMtshezi kwaBhekuzulu.
UBarnes ubeyogcina isithembiso asenza kulelibandla ngaphambi kokhetho lukazwe lonke lapho abathembisa khona ibandla ngokulilekelela ngezinto zokwakha indlu yokukhonzela.
Amalunga ebandla lase ZCC ahlanganyele ndawonye kanye ne NFP enkonzweni ebise Hholo lomphakathi kwaBhekuzulu eMtshezi.
Kanti uMongameli webandla Nmuz.Sbongiseni Nene uthi babecabanga ukuthi I NFP iyazisholo nje ngoba kwakubhekwe okhethweni wayengazi ukuthi into ababe yisho bazoyenza ngempela ngemuva kokhetho. Ubonge u Mnuz Simphiwe Khumalo ongumholi we NFP KwaZulu-Natal ongowokuzalwa khona eMtshezi ngokuthi noma seludlulile ukhetho adamene aze ezobabheke nokubaqinisa idolo.
Uthi uyafisa ukuthi bonke osopolitiki bangenza okufanayo uma behambele amabandla bezwa izinkinga zawo babuye phela ngemuva kokhetho bezobonga lokhu abasuke bekutholile okhethweni.
Kanti uMnuz Barns ongumengameli walo inqembu uthi cha bakujabulele ukuba se ZCC futhi indlela abamukelwa ngayo ibenza bathobeke kakhulu futhi bakhumbule ukuthi ukuba osopolitiki kuncike emkhulekweni wamakholwa nase ziyalweni zamakholwa.
” Besifisa ukwenza okukhulu kunalokhu kodwa amandla mafishane kodwa indlela ibandla elijabule ngayo kusenze nathi sabona ukuthi esibenzele khona shuthi kube kukhulu kubona ngyafisa engathi nangelinye ilanga amabandla asivulele izandla uma sizosebenza nawo asibikele izinkinga zawo ” Kusho u Barnes.