Kugingqike iveni ezimpambanweni zeChelmsford ku N-11 namuhla yadlula nabantu abathathu kwathi oyedwa walimala kanzima.
UNksz Chantelle Botha weKwaZulu Private Ambulance Services uthe ngesikhathi abezimo bafike endaweni yesigameko bathola ukuthi umshayeli weveni uhlulekile ukulilawula labe seligingqika.
Endaweni yesigameko bafice umuntu oyedwa elimele kakhulu bamhlenga wabe esephuthunyiswa esibhedlela.