Izinqubo zokubhukha ngokweqile kanye nokwengamela embonini yezokundiza ziphinde zaba sematheni njengoba Ikhomishini Kazwelonke Yabathengi (NCC) iphenya ukuziphatha kwe-FlySafair.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi lenkampani eyake yaxabana uthuli nonontanda kubukwa uNgizwe mchunu nokwagcina ngokuthi imvale ukugibela amabhaloni ayo ivume ngokusobala ezinkundleni zokuxhumana ukuthi kuwumkhuba ojwayelekile ukuthi idayise amathikithi amaningi kunezihlalo ezikhona endizeni.
Lokhu kusho ukuthi abanye abagibeli bashiywe dengwane ezikhumulweni zezindiza futhi banikezwe isikweletu sokuthi babhukhe kabusha futhi bandize nenkampani yezindiza efanayo endizeni ehlukile.
Umgibeli owasala dengwane uhlabe umkhosi ngezikhalo zabo ngemuva kokuba beshiywe emuva ekuqaleni kwaleli sonto, nokususe umsindo ezinkundleni zokuxhumana.
Kodwa inkampani yezindiza ikuvikele lokhu, yaveza ukuthi lena ngenye yemizamo yokwehlisa amanani kubagibeli.
Inhloko yezikhalo nophenyo kwi-NCC, uPrudence Moilwa uthe ikhomishana siala uphenyo ngalolu daba.
“Sinxusa iFlySafair ukuthi ibambisane nophenyo kanjalo nakubathengi abanezikhalazo mayelana nokubhukhwa ngokweqile kanye nokwengamela ukuze bafake izikhalo kumthengi kazwelonke,” kusho uMoilwa.