Kube uqina dolo Kumdlalo we Dstv-premiership obukade udlalwa izolo kusihlwa obuphakathi kwe Cape Town Spurs Kanye ne Richard Bay FC njengoba womabili lamaqembu ezama ukubalekele izembe njengoba beyizwa kahle ukuthi ishisa kanjani insimbi yokugijima kulesisigaba se Dstv-premiership.
Akekho obengawadingi lamaphuzu amathathu kodwa obewadinga kakhulu iyona Cape Town Spurs njengoba kuyiyona eyibambe emsileni we log. Nakuba zinqobile ezika (Mazinyo) Middendorp ngegoli elilodwa eqandeni kodwa azikanyakazi endaweni yazo.
Cape Town Spurs inqobe sekuvalwe amehlo njengoba wonke umuntu ubeselithokozela iphuzu Kulomdlalo kodwa wala ukhasha umfoka Azola Jakalashe ngomzuzu Ka 86 waligqofela phakathi ngekhanda.
Ukunqoba kwabo lomdlalo akubasizanga kakhulu njengoba benganyakazanga ngokwesimo se log njengoba besahleli kuyena nombolo 16 ngamaphuzu angu 15 ngemva kwemidlalo engu 25 asebeyidlalile.
Kanti Richards Bay nayo ayigudlukanga lapho ebikade ihleli khona nombolo 15 ngamaphuzu 20 ngemva kwemidlalo 25.
Kanti ukhona omunye umdlalo obuqhubeka phakathi kwe TS Galaxy 2-1 Swallows.
Amagoli enze isiqinisekiso sokuthi leli qembu lika Mnu Sukazi liyangena ku top 8 kulonyaka ashaywe ngu Sphiwe Mahlangu(36) Kanye Samir Nurkovic(62). Kumanje bahlezi ku nombolo 5 ngamaphuzu 37 ngemva kwemidlalo engu 23 asebeyidlalile.
Izinyoni nazo azinyakazanga lapho ebezikhona njengoba zisahleli ku nombolo 14 ngamaphuzu angu 26 ngemva kwemidlalo engu 25 Kanti igoli labo lokubika ekhaya lishaywe Gabadinho Mhango nokube yi penalty ngomzuzu Ka 81