Usuphinde wahlonishwa ngumcwaningi mabhuku okwe shumi iminyaka ilandelana umaspala waso Khahlamba ngokuthola umbiko ongenagcobho ngokwezezimali
Umenenja kamaspala waso Khahlamba uMnuz Nkosingiphile Malinga uthi umaspala wasoKhahlamba uthi bazizwe bejabule kakhulu ngoba kukhombisa ukuwuhlonipha umsebenzi wabantu.
UMalinga uveze ukuthi sekungu nyaka weshumi bethola lombiko kamncwaningi mabhuku uphinde wathi noma kunjalo usamkhulu umsebenzi okumele bawenze ukuthuthukisa abantu base Bergville namaphethelo.
Uphinde wabonga ukubambisana kwakhe namakhansela kanjalo nabasebenzi bamaspala.
Kanti umeya kamaspala waso Khahlamba uMnuz Vikizitha Mlotshwa uthi ujabule kakhulu ngalombiko kodwa usamile ekutheni umbiko awuhambe nentuthuko yabantu.
“Iphupho lami ukuthi sibe nedolobha elisha elise zingeni eliphezulu kumaspala waso Khahlamba ” kusho u Mlotshwa
Uqhubeke wabonga kakhulu ukubambisana kwamakhansela nabasebenzi bakamaspala.
Kanti uSomlomo kamaspala uMnuz Zamlandela Khumala uthi lukhulu luyeza luyanyelela kumaspala waso Khahlamba umanje kusekhona umphakathi wabo uMalinga unamacebo amahle ngendawo yase Bergville futhi uyambona uyafuna ukuyibona ithuthikile.