Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

I-SANTACO ITHI AYIZANGE IGUNYAZE IMIBHIKISHO YAMATEKISI ETHEKWINI

Posted on 29 October 2024

Umkhandlu wamatekisi iSantaco uthi awuzange ugunyaze umbhikisho oholele ekutheni kuvalwe imigwaqo eminingi eThekwini eGreyville ngoLwesibili. Imizila engena neseduze kwaseDurban Station ithintekile ngesikhathi ibhasi kanye namatekisi amaningi evala imizila.

Imigwaqo ibihlanganisa uMngeni no-Old Fort Road.

Kukholakala ukuthi amalungu eDurban Station Taxi Association adinwe agane unwabu ngokungakhiphi amalayisensi okusebenza ngesikhathi uMnyango wezokuThutha eKZN.

Kume ukusebenza amabanga amade eZululand naseGoli ngoMsombuluko.

Yize kuvulwe imigwaqo kule ndawo kodwa akucaci noma imizila yamabanga amade isasebenza yini futhi.

USfiso Shangase weKZN Santaco uthi iziteleka kumele kube yisinyathelo sokugcina.

“Sisanda kuxoxisana nomnyango, besicabanga ukuthi mhlawumbe kuze kufike izolo udaba ngabe seluxazululekile ngoba ngaphakathi lokho kumele kuqhutshekwe nokusebenza, kuqhutshekwe nokuxoxisana ngakolunye uhlangothi.

“Niyaxoxisana ngapha, inkonzo iqhubeke ngaleya. Hhayi-ke ngaphandle kokuthi nithi nifinyelele kwangqingetshe, mhlawumbe uma nisebenzisa amandla ningene emgwaqeni.”

Ezinyangeni ezimbili ezedlule abe-KZN Transport baba nemihlangano eMgungundlovu neSantaco ngodaba lwamalayisensi.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha, uNdabezinhle Sibiya, uthi zingaphezu kuka-115 izimvume ezingakaqoqwa amalungu kasoseshini.

“Ngalowo mhlangano kwavunyelwana ngokuthi abashayeli bamatekisi balande izimvume ezibalelwa ku-115 ezisekhona emnyangweni ezingalandwa.

“Bekunezimvume ezibalelwa ku-84 ebezizophelelwa yisikhathi zingakapheli izinsuku ezingamashumi ayisithupha, futhi cishe ayisishiyagalolunye izimvume bese ziphelelwe yisikhathi.”

Recent Posts

  • USENKINGENI UMDLALI WEKAIZER CHIEFS OKWELETA U-SARS UR6.1 MILLION
  • UZOLALISA OKWENGANE NAMUHLA OPHUNYULE KWELIKATHABO BESTER NOMAGUDUMANA
  • UFUNA KUBHEKISISWE INDABA YABOKUFIKA UNDUNANKULU WAKWAZULU-NATALI
  • USEZOKWAZI UKUKHIPHA UMCULO FUTHI USIPHOKAZI EMVA KOKUVALELEKA NGAHANDLE ENDIMENI IMINYAKA
  • UVELE ENKANTOLO UNKOSIKAZI OSOLWA NGOKUBULALA UMYENI NGENXA YOMSHWALENSE

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • June 2025
  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme