IQEMBU loMkhonto Wesizwe (MK) lihlahla indlela eya phambili nabaholi abaphezulu ababhala uMthethosisekelo weqembu ngempelasonto.
IQembu le-MK libe nezingxoxo zamasu zezinsuku ezintathu e-Bela Bela, eLimpopo eziphothulwe ngeSonto.
Lo mhlangano ubuhanjelwe ngabaholi abaphezulu beqembu okukhona kubo nowayenguMengameli Jacob Zuma.
Phakathi kwamaphuzu ethulwe eLimpopo wumsebenzi weqembu. UNobhala-Jikelele we-MK Party, u-Arthur Zwane, uthe izinqumo eziningi okukhulunywe ngazo zihlanganisa ukugcizelela inkolelo ye-Pan Africanist yeqembu.
“Ngakho sesimemezele ukuthi siyiPan Africanist Party. Okwesibili, sinesifungo esicabanga ukuthi sidinga abavoti ukuthi baqonde ukuthi njengenhlangano yamaPan Africanist, sinomthwalo wemfanelo wokuhlanganisa abavoti abamnyama,” usho kanje.
Abadlali abamqoka abaphinde bahambele lo mhlangano kubalwa owayeyisikhulu esiphezulu sePassenger Rail Agency of South Africa (Prasa) uLucky Montana, othinteka enkohlakalweni yiKhomishini Yokuthunjwa Kombuso.
U-Montana, osejoyine i-MK Party njengelungu, waswayipha kwiKhomishini kanye neNhloko yamaJaji uRaymond Zondo.
“UZondo wehlulekile. Akakangiphenduli futhi namaphepha ami (okuyinto) akhona phambi kwenkantolo. Akakamphenduli (Matshela) Koko. Akakabaphenduli abanye abantu abaningi ((okuhlanganisa) no-Arthur Fraser ngoba lolu bekuwuhlelo lwepolitiki lokudicilela phansi isithunzi sethu, Mhla ngivela enkantolo ngifuna nibe khona (lokho) uma ngikhona. Ngizovela kodwa njengoba izinto zihamba, manje sengikwi-MK cishe ngizoya empeshenini ngaphandle kokucelwa yinkantolo esemthethweni (ukuba ngivele).