IQEMBU loMkhonto Wesizwe lithi ithimba labameli licubungula ukuvulA icala egameni labantu abakhahlanyezwe yizigameko zokudla okunoshevu.
Zibalelwa ku-900 izigameko zabaguliswe ushevu otholakale ngokudla ezibikwe kuleli kusukela ngoSepthemba.
IGauteng neKwaZulu-Natal yizona zifundazwe ezithinteka kakhulu.
Umgqugquzeli kuzwelonke uFloyd Shivambu uthi iqembu belikhathazekile ngendlela ezinye izipaza eziphathwa ngayo.
NgoLwesithathu ukhulume nabezindaba eThekwini mayelana namalungiselelo aleli qembu okugubha iminyaka yasungulwa kule mpelasonto.
“Izifunda zoMkhonto Wesizwe zibambe iqhaza kakhulu emibhikishweni.
“Ngiyazi lapha eThekwini uphiko lwabesifazane, uphiko lwentsha kanye nezindawo eziningi zaseNingizimu Afrika bezisemkhankasweni obekuhloswe ngawo ukuthi kuhlolwe izipaza ukuze zikuthathaphi ukudla futhi ubani okhiqizayo?