IQEMBU leNkatha Freedom Party (IFP) KwaZulu-Natal selikhombise ukungayigqizi qakala eyeqembu elisha elaziwa ngoMkhonto weSizwe elesekwa yilowo owayenguMengameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma.
Esithangamini nabezindaba ngoLwesithathu, uSihlalo we-IFP eKZN, uMnuz Thami Ntuli, uthi uzuma lo we MK kusenguye loya zuma we ANC, ukuthi manje usegugile futhi usentekenteke.
“Angiboni ukuthi amaqembu ezepolitiki kumele abe novalo lokuthi kukhona leli qembu leMK ngoba kukhona uZuma.
“NguZuma nje lo osemdala futhi osacula kahle, odansa kahle kodwa osebuthuntu njengoba ayebuthuntu esaphethe, angicabangi ukuthi ungcono uma eseseka iMK Party. Kumanje uya ngokuya ekhula futhi ephelelwa amandla,” kusho uNtuli.
UZuma usanda kususa umsindo ngesikhathi ephakamisa i-MK Party esidlangalaleni etshela abalandeli bakhe ukuthi ngeke ayivotele i-African National Congress (ANC) okhethweni lukazwelonke nolwezifundazwe luka-2024.
Uvakashe kungazelele muntu emhlanganweni weMK Party, obuseMzo Lifestyle eVerulam eThekwini, obuhanjelwe ngamakhulu abalandeli ngoLwesibili.
UZuma uphinde wathi ngeke alivotele iqembu elibusayo ngaphansi kobuholi bukaMengameli Cyril Ramaphosa.
Ekuqaleni kwenyanga uZuma uthe angeke futhi ngeke akhankasele i-ANC kaRamaphosa.
“Unembeza wami awuvumi ukuthi ngiqambe amanga kubantu baseNingizimu Afrika ngenze sengathi i-ANC kaRamaphosa kwakungeyabaholi bangaphambili be-ANC abangasekho” kusho uZuma. ngesikhathi kunesithangami nabezindaba eSoweto, eGoli.
UZuma ukucacisile ukuthi akayishiyi i-ANC kodwa uzovotela i-MK Party.