Sekwethulwe elinye iqembu lezepolitiki elibizwa ngeGap Fixers of South Africa (GFSA). Ithi izongenela ukhetho oluzayo.
I-GFSA ibe nesithangami sabezindaba eMhlanga, enyakatho yeTheku, namuhla lapho yethule khona nobuholi bayo.
iGap Fixers of South Africa (GFSA) eliholwa ngusomabhizinisi uMnu Themba Buthelezi wasoPhongolo( umengameli) kanye no Mnu Sbu Mpisanane( usihlalo waleliqembu) elithulwe ngokusemthethweni izolo zingu 13 January 2024 lithi lizolungisa amagebe akhandwe ngamanye amaqembu kuleli.
Leliqembu libe nesithangami nabezindaba namuhla eMhlanga Ridge. Kwezinye zezinto abazibalile abazozenzela umphakathi njengeqembu ngukulwisana nendaba yamathenda, ukulwela imfundo yamahhala kusukela umtwana eqala eskoleni kuze kube uya eNyuvesi baphinde bathi bazolwisana nezinga eliphezulu lokuntuleka kwamathuba omsebenzi kuleli bona njengeqembu bazimisele ukulungisa eyeminyaka ekuqasheni kwabantu bakuleli njengoba bethi bazokwenza isiqiniseko sokuthi kuzoqashwa kusuka eminyakeni engu 18 kuze kube ku-50.
IGFSA izoba ngelinye lamaqembu azongenela ukhetho kulonyaka.