Isigungu esiphezulu se-ANC kuzwelonke (NEC) sinqume ukumisa uJacob Zuma njengelungu.
Ngokwemithombo ye-NEC, lo mhlangano ukhethe ukuthatha isinqumo sokuthi uZuma aqondiswe izigwegwe esikhundleni sokuthi axoshwe ngokushesha.
Lokhu kulandela ukuthi uZuma kuthiwa wephule umthethosisekelo we-ANC, othi noma yimuphi umuntu ozihlanganisa noma oweseka noma iyiphi inhlangano ngaphandle kwe-ANC noma amadlelandawonye ayo iCosatu, SACP neSanco, nanoma iyiphi enye inhlangano enezinhloso, imigomo nezinhloso zayo ziphambene ne-ANC angamiswa.
Lokhu kungenxa yokuthi iqembu likhethe ukungena emzileni wokuqondiswa izigwegwe, nokungase kuthathe isikhathi.
Umthombo awuzange uveze ukuthi isigcawu sokuqondiswa kwezigwegwe sizoqala nini kodwa usamile ekutheni kumele senziwe.
UZuma kuthiwa wephule umthethosisekelo we-ANC ngokumemezela esidlangalaleni ukuthi uzokhankasa futhi avotele iqembu elisanda kusungulwa iMK.
Ephakamisa iqembu le-MK, uZuma uthe ngeke akwazi ukweseka “i-ANC kaRamaphosa”.
Inkulumompikiswano ngodaba lukaZuma kuthiwa ike yathinta umhlangano we-NEC okukholakala ukuthi uzwe imibono yamalungu ethi akasuswe esikhundleni ngokushesha, kanti abanye bebethi lokhu kuzomenza aqine njengoba ezosebenzisa umqondo wokuba isisulu.
Abamelene nabo kuthiwa bebethi ngeke kube ubuhlakani ukumisa noma ukuxosha uZuma ngaphambi kokhetho. Kodwa-ke abafuqa ukuthi uZuma amiswe noma axoshwe kuthiwa bebethi ukungamthatheli izinyathelo kuzothumela umyalezo wokuthi i-ANC iyamesaba uZuma.
I-ANC kulindeleke ukuthi imemezele isinqumo “sokubumisa kafushane” ubulungu beqembu likaZuma maduze.