LIHLEHLILE icala elibhekene noMnuz Mohale Sipho Moropana (20) osolwa ngokudlwengula imbuzi.
UMoropana waseGa-Seaphole eLimpopo, udedelwe ngebheyili eNkantolo yeMantshi yaseMogalakwena ngoLwesithathu, 3 Januwari.
Lesi sigameko esishaqisayo senzeke ngoMsombuluko, mhla lulunye kuMasingana lapho uMoropana kusolakala ukuthi watholwa enqunu edlwengula imbuzi.
Isakhamuzi sakule ndawo sitshele abezindaba ukuthi sinamahloni ngesenzo somsolwa.
“Kusithusile lokho ngoba besingalindele ukuthi angalala nembuzi,” kusho isakhamuzi.
Lesi sakhamuzi sithi sizwe imbuzi ilokhu ikhala engathi khona lapho ebambeke khona, nathe uma ebheka wezwa engathi ikhala kwenye yezindlu nabe esephuthuma khona. Wazithele kulomlisa enqunu cwe eqhoqhobele imbuzi endlini yomxhaso,
Okhulumela amaphoyisa aseLimpopo uHlulani Mashaba uthe ngesikhathi unkosikazi efika ekhaya, uqale wangena endlini wafica umsolwa enqunu ezitika ngocansi nembuzi.
Amalungu omphakathi ezwe umsindo, ahamba ayosiza kwabe sekuboshwa umsolwa.
UMashaba uthe amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko umsolwa waboshwa.
“Udedelwe ngebheyili ka-R500, icala lakhe lahlehliselwa uFebhuwari 20 2024 ukuze kuzoqhutshekwa nophenyo,” kusho uMashaba.