ZIBUYELA ENKANTOLO IZELAMANI EZISOLWA KWELOKUBULAWA KUKA-AKA

Izelamani zakwaNdimande, uSiyabonga noMalusi, abamataniswa necala lokubulala umrepha uKiernan “AKA” Forbes nomngani wakhe uTebello “Tibz” Motsoane, babuyele eNkantolo yeMantshi yaseThekwini. Laba bobabili baxoshwa e-Eswatini ngoNovemba kulandela ukuqulwa kwecala isikhathi eside, ngemuva kokulaxaza isicelo sabo sokuphikisa ukubuyiselwa ezweni. Bevela enkantolo ngemuva nje kokubuyela eNingizimu Afrika, ummeli wabo uthe kusamele kuqoqwe eminye imininingwane ngenxa yohlelo lokubuyisela kuleli….

Read More

KUFE ABAHLANU ABADUBULE KUQALA BEBHEKENE NAMAPHOYISA E-KZN

KUDUTSHULWE kwabulawa abasolwa abahlanu ngesikhathi betholana phezulu namaphoyisa KwaZulu-Natal kwaBester. Laba bebefunwa ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala nelokugebenga kuhlonyiwe. Amaphoyisa athi amaphoyisa avele angenela abasolwa kulandela uphiko lwezobunhloli, kodwa ahlangana nemvula yezinhlamvu ngesikhathi ezama ukubabopha. Kube nokudubulana kwaze kwashona abasolwa abahlanu endaweni yesigameko. Awekho amaphoyisa okubikwe ukuthi alimale ngesikhathi kuqhubeka lo mkhankaso. Kuze kube manje sekutholwe…

Read More

UGQAMISE UKUBALULEKA KOMKHULEKO EZIKOLENI UNGQONGQOSHE WEZEMFUNDO E-KZN

UNgqongqoshe wezeMfundo eKZN umhlonishwa Sipho Hlomuka ugcizelele ukubaluleka kokukhuleka ezikoleni ukuze kuqinisekiswe ukuthi ukufunda kuhamba ngendlela. UHlomuka obekhuluma nabafundi nothisha ehambele izikole ezimbili zaselokishini laseZakheni eMnqmbithi, iZakheni High School kanye ne-Ekukhuleni High School namuhla, uncome othisha nabafundi balezi zikole ngokwenza kahle nyakenye. Uthi lokhu kukhomba ukubambisana okuhle phakathi kwabafundi, othisha nabazali, “Into eyenze sivakashele lezi…

Read More

KUSAGUJWA NANAMHLANJE LAPHO ISAYONI SIKHOMBE UKUTHI KUGQITSHWE KHONA UMZIMBA WOWANYAMALALA EMNAMBITHI

Awukalilahli ithemba umndeni kaSiyabonga Vilakazi waseMnambithi eRooi njengoba namanje usagubha endaweni le ekhonjwe yiSiyoni njengendawo la kwagqitshwa khona umzimba wakhe. USiyabonga wanyamalala ngonyaka odlule ngo-April lapho agcina ukubonakala ethathwe nguMseshi wamaphoyisa kanye noMalume ayekade exabane naye,akaphindanga wabonakala. Ngokusho kwamaphoyisa bathi wabaleka ngaphambi kokufika esiteshini samaphoyisa waye wayoziphosa emfuleni. Umphakathi kanye nomndeni bazama izikhawu eziningi ukuthola…

Read More
Uthukela Times All Rights Reserved