IMeya yoMkhandlu wase-Alfred Duma, uZama Sibisi, ithi umkhankaso wokuvalwa kwezitolo e-Estcourt awuqondiswe eqenjini elithile noma kubanikazi abathile, kodwa uyingxenye yokuphoqelela ukuthotshelwa komthetho.
Lokhu kuza ngemuva kokuthi izitolo eziningana zivalwe ngoLwesihlanu nangoMsombuluko, okudale ukukhathazeka phakathi kosomabhizinisi.USibisi uthe umkhandlu usebenza nezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo iSAPS, uMnyango Wezempilo kanye noMasipala Wesifunda uThukela ukuqinisekisa ukuthi wonke amabhizinisi athobela imithetho efanele.
Uthe inhloso enkulu akukhona ukujezisa abanikazi bezitolo kodwa ukuvikela impilo yabathengi nokugcina idolobha lihlelekile futhi liphephile. Uveze nokuthi kwezinye izitolo kutholwe ukudayiswa kokudla okungasasebenzi, okuyingozi emphakathini.
UMeya uphinde wathi izitolo ezilungisa izinkinga zazo zizophinde zivulwe ngokushesha, wabe esenxusa osomabhizinisi ukuthi basebenzisane nomasipala ukuze baqinisekise ukuthotshelwa kwemithetho.

