ABASEMATIWANE BAFUNA IZIMPENDULO NGEMISEBENZI YOMGWAQO U-N11


Intsha kanye nomphathi womphakathi waseMatiwane eNdingeni bathi abasajabule neze ngendlela okuqashwa ngayo abantu emsebenzini wokulungiswa komgwaqo u-N11.Lokhu kuvele emhlanganweni womphakathi obuhanjelwe ngamakhansela akule ndawo, lapho izakhamizi ziveze ukukhathazeka ngokuthi abantu bendawo babonakala bengazuzi ngokwanele emathubeni emisebenzi adalwe yilo msebenzi.

Ngokusho komphakathi, ngaphambi kokuba kuqale umsebenzi wokwakha, kwafika izikhulu zoMnyango Wezabasebenzi zabhalisa imininingwane yabantu bendawo ababefuna umsebenzi. Nokho, kuze kube manje umnyango awukaze ubuye uzochaza ukuthi kwenzekani ngaleyo mininingwane noma ukuthi isetshenziswe kanjani.

Izakhamizi zithi ziyamangala ukubona abantu abaningi abasebenza emgwaqeni abangaziwa emphakathini, kanti labo ababhalisa eminyakeni edlule abakatholi msebenzi.Umphakathi udlulisele ukukhathazeka kwawo kuKhansela Thembinkosi Ngcobo kanye noThobani Dlamini, wathi usukhathala ukudlalwa nguhulumeni. Ucele ukuthi udaba lokuqashwa emgwaqeni u-N11 lulungiswe ngokushesha ngoba kusolwa ukuthi kunokungahambi kahle kule nqubo.

Izakhamizi zifuna uNgqongqoshe Wezokuthutha kanye noNgqongqoshe Wezabasebenzi bazifikele mathupha bazochaza ukuthi kwenzekani ngolwazi olwaqoqwa kubantu bendawo nokuthi kungani lungabonakali lusiza ekutholeni amathuba emisebenzi.Ngaphandle kodaba luka-N11, kuphinde kwavela ukukhathazeka ngomgwaqo u-P628 osuka ku-N11 udlule eMatiwane uye eLusitania. Lo mgwaqo, ngokusho komphakathi, usuneminyaka ecela kweyishumi waqalwa kodwa ungakapheleli.

Izakhamizi zikhumbule ukuthi owayenguNgqongqoshe Wezokuthutha ngaleso sikhathi, uWillies Mchunu, wake wahlaba isoyi lokuqala lalo msebenzi, kodwa umsebenzi wahamba kancane wagcina umile ngokuphelele.

Manje umphakathi usunxusa uNgqongqoshe Wezokuthutha KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, ukuba avakashele le ndawo azochaza ukuthi yini ebambezela ukuqedwa komgwaqo nokuthi umsebenzi uzoqhubeka nini.Izakhamizi zithi zifuna ukubona intuthuko yangempela kanye namathuba emisebenzi afinyelela kubantu bendawo njengoba kwakuthembisiwe.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved