BANGAPHEZU KUKA-1 000 ABATHOLE IZITIFIKETI ZOKWAKHA KWAZULU-NATALU


Ngqongqoshe Wezokuthutha NezokuHlaliswa Kwabantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, unikeze izitifiketi kubantu abasha abangaphezu kuka-1 000 abaphothule ukuqeqeshwa emkhakheni wezokwakha.

UDuma uthe laba basha bazongena emikhakheni ehlukene yezokwakha futhi babambe iqhaza elikhulu ekuthuthukiseni ingqalasizinda yesifundazwe. Uveze ukuthi uhlose ukubona iKwaZulu-Natal iba yisizinda esikhulu samaphrojekthi okwakha, okuzodala amathuba emisebenzi futhi kuthuthukise umnotho.

Lolu hlelo luhlose ukuhlomisa intsha ngamakhono asemthethweni ukuze ikwazi ukuthola amathuba omsebenzi noma iziqalele amabhizinisi ayo.

UDuma uphinde waxwayisa ngenkohlakalo emkhakheni wezokwakha, ikakhulukazi izinkampani ezithola izitifiketi zamazinga aphezulu ngokungemthetho ukuze zithole amathenda.Lo mkhankaso uyingxenye yemizamo kahulumeni yokuthuthukisa ingqalasizinda nokulwa nokuntuleka kwemisebenzi.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved