IFP IYALELE AMALUNGU UKUTHI AMISE UKUKHANKASELA IZIGABA ZABO EZINKUNDLENI ZOKUXHUMANA


Iqembu le-Inkatha Freedom Party (IFP) seliyalele wonke amalungu alo ukuthi ayeke ngokushesha ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukukhankasela abantu noma izigaba (slates) ngaphambi kwezingqungquthela zokukhetha ubuholi ezifundeni.

Lokhu kuvezwe encwadini esemthethweni ekhishwe nguNobhala Jikelele weqembu, uMnuz S.L. Ngcobo, ngemuva komhlangano weNational Executive Committee (NEC) obubanjwe mhla zingama-22 kuNhlangulana 2026.Ngokwesitatimende, iNEC iveze ukukhathazeka ngokusabalala kohlu labaholi abazongenela ukhetho kanye nemikhankaso yabo ezinkundleni zokuxhumana nakwezinye izindawo ngaphambi kwezingqungquthela zeqembu.Iqembu lithi lolu hlobo lokuziphatha aluhambisani namasiko, izimiso kanye namagugu e-IFP. Ngenxa yalokho, amalungu ayalelwe ukuthi angabe esashicilela, esabalalisa noma ekhuthaza noma yiluphi uhlu lwabazongenela izikhundla.I-IFP ithi izithunywa ezingqungqutheleni kufanele zinikwe inkululeko yokusebenzisa ilungelo lazo lentando yeningi ngaphandle kwengcindezi noma ukuthonywa ngabanye.

Iqembu liphinde laxwayisa ngokuthi noma ubani ongahambisani nalesi siqondiso angase abhekane nezinyathelo zokuqondiswa kwezigwegwe. Lokhu kungaholela ngisho nasekukhishweni komuntu osemkhankasweni noma ozuzayo kulowo mkhankaso ekungeneleni ukhetho.

Lesi sinqumo siza ngesikhathi i-IFP ilungiselela izingqungquthela ezahlukene zokukhetha ubuholi ezingeni lezifunda, lapho kulindeleke ukuthi kube nokuncintisana kwezikhundla ezahlukene ngaphakathi kweqembu.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved