UKHOMISHANA WE-IEC UVAKASHELE OTHUKELA UKUZOHLOLA UKUBHALISELWA UKUVOTA


Namuhla uKhomishana weNhlangano Ezimele Yokhetho (IEC), uMnuz Glen Mashinini, uvakashele esifundeni sasoThukela ukuyohlola ukuqhubeka kohlelo lokubhalisela ukuvota ngaphambi kokhetho loHulumeni Basekhaya oluzayo.

UKhomishana Mashinini, neMenenja ye-IEC esifundeni sasoThukela, uNkosazana Mpumelelo Sithebe, uvakashele izikhungo ezahlukene zokubhalisa ukuze azibonele mathupha ukuthi umsebenzi wokubhalisa abavoti uqhubeka kanjani nokuthi izisebenzi zika-IEC zibhekana kanjani nezidingo zomphakathi.

Ngesikhathi sokuvakasha, uMashinini ukhuthaze umphakathi ukuthi uphume ngobuningi uyobhalisela ukuvota noma uhlole imininingwane yawo ohlwini lwabavoti. Uphinde wagqugquzela abantu ukuthi basebenzise nezindlela zobuchwepheshe, okubalwa kuzo izinkundla ze-inthanethi ze-IEC, ukuhlola isimo sabo sokubhalisa nokwenza izinguquko lapho kudingeka khona.

UNkosazana Mpumelelo Sithebe uthe le mpelasonto yokubhalisa abavoti ibalulekile ekuqinisekiseni ukuthi bonke abantu abafanelekile ukuvota babhaliswe ngendlela efanele futhi bakulungele ukubamba iqhaza okhethweni loHulumeni Basekhaya oluhlelelwe umhla ka-4 Novemba.

Uthe i-IEC izobheka kakhulu ezindaweni ezithintwe izinguquko zemingcele yezifunda zokuvota, okubalwa kuzo iSteadville nezinye izindawo ezahlukene.

“Lezi zinguquko zithinte imiphakathi eminingi esifundeni, yingakho kubalulekile ukuthi abavoti baqinisekise imininingwane yabo futhi, lapho kudingeka khona, babhalise ezikhungweni zokuvota ezifanele,” kusho uSithebe.

Ukhomishana we-IEC uMnum. Glen Mashinini, IMenenja ka-IEC OThukela uNksz. Mpumelelo Sithebe bekanye nabasebenzi balenhlangano esikhungweni sokuvota iNkanyezi Special School eSteadville

Uphinde waveza ukuthi amaqembu e-IEC asebenza ngokubambisana nemiphakathi ukuqinisekisa ukuthi abantu bathola ulwazi olunembile mayelana nezinguquko kanye nezinsiza zokubhalisa.

I-IEC inxuse bonke abantu abafanelekile ukuvota ukuthi basebenzise leli thuba lokuhlola isimo sabo sokubhalisa, bavuselele imininingwane yabo uma kudingeka futhi bazilungiselele ukhetho oluzayo.

Abaholi be-IEC bagcizelele ukuthi ukubamba iqhaza ekubhaliseni kuvula indlela yokhetho oluhlelekile noluyimpumelelo, futhi kuqinisekisa ukuthi wonke umuntu unethuba lokwenza izwi lakhe lizwakale ngentando yeningi.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved