UHAMBE KAHLE UMKHULEKO NEZEMIDLALO OBUHLELWE AMAPHOYISA EBHAFADI


BURFORD – Ube yimpumelelo umcimbi womkhuleko kanye nezemidlalo obuhlelwe ngokubambisana ngamaphoyisa kanye neKhansela laseBurford, uMnuz Mthokozisi Khoza, ngesikhathi kugujwa uSuku Lwentsha.

Lo mcimbi ubuhlanganise imiphakathi yaseBurford, eGodi, eHopesland naseManzini ngenhloso yokukhuthaza ubumbano nokuletha ithemba emphakathini.

Umhleli womcimbi, uSayitsheni Sanele Dubazane, uthe inhloso enkulu yomkhuleko bekungukukhumbula bonke abantu asebalahlekelwe yizimpilo ngenxa yobugebengu nodlame. Uthe bakhethe ukuwenza ngoSuku Lwentsha ngoba intsha iyikusasa lezwe futhi abantu abaningi basemakhaya bebephesheya ngalolu suku.

Umdlalo wamakhadi ungeminye yemidlalo ebidlalwa ngosuku lwentsha eBhafadi

IKhansela uMthokozisi Khoza lithe lijabule ngempumelelo yomcimbi futhi labonga wonke amalungu omphakathi waseBurford ngokuphuma ngobuningi nokuba yingxenye yalolu hlelo.

Uthe nemidlalo ihambe kahle kakhulu, kwaba namaqembu ebhola angu-16 abambe iqhaza emqhudelwaneni. Iqembu elizonqoba lizothola umklomelo wemali engu-R3 000, kanti elizophuma isibili lizoklonyeliswa ngo-R2 000.

Abahleli bathe lolu hlelo luhlose ukuqinisa ubudlelwano phakathi kwamaphoyisa nomphakathi, ukukhuthaza intsha ukuthi ibalekele ubugebengu futhi ibambe iqhaza emisebenzini eyakhayo.


Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Uthukela Times All Rights Reserved