Imizamo yokuqinisekisa ukuthi iKwaZulu-Natal nezwe lonke kuhlala kuphephile ngaphambi, ngesikhathi nangemuva komhla ka-30 Juni 2026 iqhubekile ngoLwesine ebusuku ngesikhathi uKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ehlangana nabaholi bezinhlangano ezahlukene eHhovisi Lesifundazwe lamaPhoyisa eThekwini.
Kulomhlangano bekukhona noKhomishana obambile wesifundazwe, uMajor General Phumelele Makoba, iPhini likaKhomishana obambile elibhekele ezokuphepha, uMajor General Vukani Mgobhozi, umholi we-Insizwa Nobunsizwa uNkosiikhona “Phakhel’umthakathi” Ndabandaba, uNkosi Malusi Zondi we-Economic and Cultural Envoy, kanye noNobhala Jikelele weBlack Business Federation (BBF), uWonder Jaca.
Abebehlangene baxoxe ngenhloso yemibhikisho ehlelwe uPhakhel’umthakathi, ukubambisana namaphoyisa, ukuhlonishwa kwelungelo lokubhikisha, kanye nesidingo sokugcina ukuthula nokungaphuli umthetho.
Ekupheleni komhlangano kuvunyelwene ngokuthi akumele kube nodlame, ubugebengu noma ukuphangwa kwezitolo ngomhlaka-30 Juni nangemuva kwalo.
UPhakhel’umthakathi uqinisekise ubuholi bamaphoyisa ukuthi uhola abantu abaqotho nabalalelayo. Uthe inhloso yabo akusikho ukuhlasela abantu bakwamanye amazwe, kodwa ukufuna ukuthi uhulumeni aqinisekise ukuthi bonke abantu abangaphakathi kwemingcele yaseNingizimu Afrika bakuleli ngokusemthethweni futhi bayawuhlonipha umthetho.
ULieutenant General Mkhwanazi ubonge abaholi ngokuzimisela kwabo ukubambisana namaphoyisa. Uthe noma ukuba seNingizimu Afrika ngokungemthetho kuyicala futhi amaphoyisa eqhubeka nokubopha abantu abangekho ezweni ngokusemthethweni, lokho akusho ukuthi abantu kufanele bazithathele umthetho ngezandla.
Uthe amaphoyisa ngeke avimbe imibhikisho esemthethweni futhi azoqinisekisa ukuthi labo abafuna ukubhikisha bakwenza ngokuphepha. Uphinde wanxusa abaholi bemibhikisho ukuthi bakhuthaze ukuziphatha ngendlela efanele nokuhlonipha umthetho, wagcizelela ukuthi noma yibuphi ubugebengu buzosingathwa ngokugcwele ngaphansi komthetho.
