Ungqongqoshe Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu (CoGTA), uMhlonishwa Velenkosini Hlabisa, uhola umhlangano wesidlo sakusihlwa sababambiqhaza boMasipala wesiFunda uThukela oqhubekayo namhlanje eDonga La Boutique Hotel eMnambithi.
Lo mhlangano uhanjelwe nguMEC wakwaCoGTA KwaZulu-Natal, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, iMeya yoMasipala wesiFunda uThukela, iNkosi Ntandoyenkosi Shabalala, iMeya yoMasipala wase-Alfred Duma, uKhansela Zama Sibisi, iMeya yoMasipala wase-Inkosi Langalibalele, uKhansela M. Myeza, osomabhizinisi, kanye nabaholi bendabuko.
Lo mhlangano uyisandulela sokuqhubeka kwezingxoxo eziqale ngesikhathi uNgqongqoshe Hlabisa evakashele isifunda uThukela ngoMashi kulo nyaka. Kulindeleke ukuthi kugxilwe ekukhuliseni umnotho wesifunda, ukuheha abatshalizimali, ukuqinisa ukubambisana phakathi kukahulumeni nabamabhizinisi, kanye nokudingida amathuba entuthuko nengqalasizinda ezodala amathuba emisebenzi.

Uhulumeni uthi lolu hlelo luyingxenye yemizamo yokuthuthukisa ukusebenza komasipala, ukuthuthukisa ukuhlinzekwa kwezinsiza emphakathini, nokwakha indawo ekahle yokutshalwa kwezimali ukuze kuthuthuke umnotho wesifunda.
#UThukelaNewsTimes #CoGTA #VelenkosiniHlabisa #uThukelaDistrict #Ladysmith #EconomicDevelopment #Investment #KZNNews
