INational Stokvel Association inxuse amalungu ezinhlangano zokonga umphakathi ukuthi akhethe ukubhanga nge-inthanethi uma ekhipha iminikelo yawo. Lesi sexwayiso siza njengoba kusondela isikhathi samaholidi. Amalungu ezitokofela ajwayele ukuhlaselwa yizigebengu ngalesi sikhathi. “Ngalesi sikhathi…
Category: Izindaba Zikazwelonke
SELIQINISEKISE UKUTHI ALIYI NDAWO ILUNGA LE-EFF ELIKHONJWA NABAZOLANDELA UMPOFU
Seliqinisejkise ukwethembeka kwalo kuMholi we-EFF elinye lamalungu alenhlangano emva kokumemezela kokushiya kuleliqembu kwalowo owayengusihlalo walo u-Advocate Dali Mpofu. Izindaba zokusula kukaMpofu kanye nokujoyina kwakhe iqembu loMkhonto Wesizwe zivele namuhla ekuseni emva kwenkulumo…
KUCELWE UKUBA KUMISWE UKUTHENGISWA KOKUDLA EZIKOLENI NGENXA YOKWANDA KWEZIGAMEKO ZOKUSHONA KWABANTWANA
I-Gauteng Portfolio Committee on Education isiphakamise ukuthi kumiswe okwesikhashana ukudayiswa kokudla emagcekeni esikole kuze kutholakale umsuka walokhu kungcola. Lokhu kuza njengoba ziya ngokwanda izigameko zezinsolo zokudla okunoshevu kubafundi. Izelamani ezimbili zisanda kushona…
WESULILE ESIKHUNDLENI UNOBHALA JIKELELE WEQEMBU I-MK
UNobhala-Jikelele woMkhonto weSizwe (MK) uDkt Sifiso Maseko wesulile esikhundleni sakhe. UMaseko ubambe lesi sikhundla izinyanga ezine. Yize eseyilungu leqembu kodwa ubalula izimo zakhe zokuqashwa njengamanje njengesizathu sesinqumo sakhe. Encwadini ayibhalele umholi we-MK…
INHLANGANO YAMABHUNU I-AFRI FORUM IZOMASHELA UMTHETHO OMUSHA WEZEMFUNDO I-BELA
Iqembu le-AfriForum lithi inqubomgomo yolimi kuMthethosivivinywa Wokuchibiyela Imithetho Yezemfundo Eyisisekelo (BELA Bill) ibeka engcupheni enkulu impilo yabantu abakhuluma isiBhunu. Leli qembu nezinye izinhlangano ezingu-40 namuhla zizomashela uMthethosivivinyo eFreedom Park ePitoli. Isikhulu se-AfriForum,…
“NOMA SIBUYE SINGEZWANI NE-DA KODWA KUMELE SISEBENZISANE” – ANC
I-ANC ne-DA bavumile ukuthi nakuba kunemibono ehlukene kodwa kumele bathole izinto abavumelana ngazo ukuze baqinisekise ukuthi ukuhlinzekwa kwezidingongqangi eKZN. Izigameko zakamuva kuMasipala waKwaDukuza kubikwa ukuthi zinyuse ukushuba kwesimo kuhulumeni wobumbano lwesifundazwe. I-ANC…
KULINDELEKE UKUTHI AMAZINGA OKUSHISA AFINYELELE KU-39 DEGREES KWEZINYE IZINDAWO E-KZN NGESONTO
Amazinga okushisa okukhulu ahlasele iNingizimu Afrika, njengoba kulindeleke ukuthi kushise kusukela namuhla kuze kube uMsombuluko. ISouth African Weather Service inxusa izakhamizi ezifundazweni ezahlukene ukuthi zizilungiselele amazinga okushisa angapheli. Izindawo ezithile, njengengoMnambithi, Msinga…
I-ANC ISISHAYELE IHLOMBE ISINQUMO SENKANTOLO SOKUHOXISA AMACALA KA-KODWA
I-ANC iyaseseka isinqumo se-NPA sokuhoxisa amacala abebekwe owayenguNgqongqoshe wezeMidlalo uZizi Kodwa. Izolo i-NPA yaseGauteng ilihoxisile icala elibhekene noKodwa nasolwa naye owayeyisikhulu se-EOH uJHE-Jehan Mackay eNkantolo eNkulu yasePitoli. UKodwa wayethinteka ecaleni lenkohlakalo lika-1.6…
BAFUNA KUSHINTSHWE IMIGOMO YOKUFAKA IZICELO ZAMA-“R350” ESIBONELELO SABANGASEBENZI
INkantolo eNkulu yasePitoli izwe ukuthi uhulumeni udinga ukuchibiyela imithethonqubo mayelana nesibonelelo sikahulumeni sokusiza abantu abahluphekile ukuze sifinyelele kwabanye. I-Socio-Economic Rights Institute ithi izigidi zabantu abafanenwe ukuthola uxhaso abalutholi ngenxa yeminye yemigomo okudingeka…
KUTHUNGATHWA ISIKHULU SOMNYANGO WEZASEKHAYA ESISOLAKALA EKWENZENI IMIKOKOTHELO YEMISHADO
Amaphoyisa asezithendeni zabasebenzi besikhulu soMnyango wezaseKhaya okusolakala ukuthi saba nesandla emshadweni mbumbulu nokunikezelwa kobuzwe kubantu ngokungekho emthethweni eThekwini. Izikhulu zigasele emagcekeni okukholakala ukuthi ngelehhovisi lo”Mnyango wezaseKhaya” eliyimfihlo eBerea ngoMsombuluko. Kuboshwe abasolwa abathathu…
BAFUNA KUNYUSWE KAKHUDLWANA INTELA YOTSHWALA, UGWAYI NOSHUKELA KULELI
Inhlangano esanda kusungulwa i-Health Tax Alliance (HTA) icela uhulumeni waseNingizimu Afrika ukuthi anyuse intela kagwayi, utshwala neziphuzo ezinoshukela ukuze kwehliswe umthwalo ohlelweni lwezempilo lomphakathi oluvela ezifweni ezifana nesifo sikashukela, umdlavuza kanye nezimo…
UKHONGOLOSE UFUNA UHULUMENI AQINISE IMITHETHO YOKUSEBENZA KWEZIPHAZA
I-ANC inxuse uhulumeni ukuthi asheshise ukuqinisa imithetho yezitolo zeSpaza. Lokhu kulandela ukwenyuka kwamacala okusolakala ukuthi anoshevu ekudleni athinta izingane. Ziningi izigameko ezibikiwe kule nyanga ezibonakala zihlobene nezingane ezithenga ukudla okulula ngaphandle kwezikole….