Uyadlondlobala umkhuba wezigelekeqe wokuphuca abantu izimoto zabo endaweni ephakathi kwaseMabhekazi naSemaphemvan eMnambithi.
Lendawo sekubikwe izigameko eziningana lapho izigilamkhuba zizama ziphinde ziphuce abantu khona izimoto. Iningi lezisulu zithi kuvele kuvumbuke iqulu lezigilamkhuba emgwaqeni okanye zishaye imoto yakho ngamatshe.
Izolo owesifazane obebuya emsebenzini ubeneshwa wadibana nayo lemigulukudu yazama ukumephuca imoto ngenhlanhla wakhona ukuphulukundlela waphuthuma wayobika esteshini samaphoyisa Ekuvukeni.
Izigameko ezifuze lezi zivamisile ukwenzeka kulendawo, umbuzo oqhamuka kubantu ‘ kungani amaphoyisa engenzi imizamo yokuphephisa abantu kulendawo ngoba aseyazi ngalobugebengu’
Nami ngake ngaba isisulu sabo ngiphucwa imoto i ford ranger eyi courier ngasindiswa ukuthi ngingowakwa mpungose kwa baba u nsimbi ngababalela izimoto zakhona bangyeka kanye nemoto konke namafoni kodwa emumva kokuqhutshwa ngesibhamu ngifakwa ehlathini kade vele ngimiswe ngokudutshulwa
Waze waxoxa indaba efana nekababa, walls ICU ngo 1995, baphinde bamzama ngo 2000