Skip to content
UTHUKELA NEWS TIMES

Menu
  • Home
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ezepolitiki
  • Ezemidlalo
  • Ezingejwayelekile
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezamanye Amazwe
  • Izikhangisi
  • Imobono
    • Ngisho NgeData Lami
    • Imibono Yabafundi
  • About Us
  • Contact Us
  • UTHUKELA FM LIVE
  • Weekly Digital News Paper
  • Amancoko
Menu

BAWOTHA UBOMVU ABESIFAZANE BAKULELI KUVELA IZITHOMBE ZOMLINGISI ESHADELWA

Posted on 21 August 2024

Kusuke umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuvela kwesithombe somlingisi wodumo kumabonakude, uThembinkosi Mthembu, emi nowesifazane egqoke okuhambisanayo. Aqala ukusabalala amahlebezi, abaningi becabanga ukuthi kungenzeka ukuthi ushadile. Abanye babekholelwa ukuthi lesi sithombe sasivela emcimbini womshado wesintu. Yize lingadalulwanga igama lalona wesifazane kodwa abanye baqagula ukuthi kungenzeka ukuthi usenesikhathi eside ethandana naye, okungenzeka ukuthi wayefunda naye esikoleni.

Abalandeli bakaThembinkosi besifazane bebephatheke kabi emoyeni, abaningi bezwakalisa ukukuthakasela kanti abanye bebehalalisela lezi zithandani. Abanye bebeze bethi unkosikazi wakhe omusha, omunye uthi, “Halala Mvelase nomakoti wakho omusha.” Nokho abanye abalandeli babuze ukuthi angashada kanjani bengazi, bezwakalisa ukudabuka kwabo ngalezi zindaba.

Kuphinde kwavela i-video lapho uThembinkosi ebuzwa khona ngokuxolisa kubalandeli bakhe besifazane, waphendula ngokubuza ukuthi yini okufanele axolise ngayo, wathi ubevakashele kubo kamngani wakhe.

Yize bekunesasasa kodwa kube nemibono ehlukene, abanye begxeka ukubukeka kwale ntokazi bethi akekho ezingeni likaThembinkosi. Nokho abanye bamvikela beveza ukuthi nguyena owathola indandatho.

UThembinkosi ungumlingisi othandwayo owaziwa ngendawo ayidlalayo emidlalweni efana nethi The River njengoMabutho kanye uShaka Ilembe njengenkosi, udunyiswa ngekhono lakhe.

1 thought on “BAWOTHA UBOMVU ABESIFAZANE BAKULELI KUVELA IZITHOMBE ZOMLINGISI ESHADELWA”

  1. Bukamina says:
    21 August 2024 at 2:38 pm

    Ay abaphatheke kabi baxole bandl uThembinkosi uneMpilo yakhe ekugcineni kumeele ukhule uMuzi wakubo.

Comments are closed.

Recent Posts

  • UVALO LOKULAHLEKA KWEMISENBENZI INKAMPANI YEZIMOTO IHLONGOZA UKUVALA IMINYANGO KULELI
  • I-AFRI-FORUM IZOVULELA AMACALA ABAHOLI ABASOLA UTHISHANHLOKO ESIDLANGALALENI KOLUKACWECWE
  • UHLABISA GXEKE UKUGXAMBUKELA KWEPOLITIKI KOHULUMENI BASEKHAYA
  • UKUPHUZA UTSHWALA KUNCIPHISA UGQOZI LOKWENZA UCANSI EMADODENI- UCWANINGO
  • ULIBOFUZO LUHLULEKILE UKUHLANGANISA ABAMANGALELWA NENDAWO YESIGAMEKO ECALENI LIKASENZO

Recent Comments

  1. Sikhulu Khabazele on KUHLASELWE UMSESHI OWAYEPHENYA NGECALA LIKASENZO MEYIWA
  2. Snethemba Mbatha on UKHATHAZEKILE UMNDENI NGOKUNYAMALALA KOMFANYANA(7) ONYAMALALE EDLALA EDUZE KWAKUBO
  3. zodwa hlatshwayo on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  4. Nomfanelo Manqele on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO
  5. Mbalenhle on BAKHATHAZEKILE ABASEBENZI BAKUMASPALA UKHAHLAMBA NGOKUMISWA KWEMIHOLO YABO

Archives

  • May 2025
  • April 2025
  • March 2025
  • February 2025
  • January 2025
  • December 2024
  • November 2024
  • October 2024
  • September 2024
  • August 2024
  • July 2024
  • June 2024
  • May 2024
  • April 2024
  • March 2024
  • February 2024
  • January 2024
  • December 2023
  • November 2023
  • October 2023
  • September 2023

Categories

  • About Us
  • Amancoko
  • Ezamanye Amazwe
  • Ezemidlalo
  • Ezepolitiki
  • Ezikaqedisizungu
  • Ezingejwayelekile
  • Imibono Yabafundi
  • Izikhangisi
  • Izindaba Zomphakathi
  • Ngisho NgeData Lami
  • Weekly Digital News Paper

©2025 UTHUKELA NEWS TIMES | Design: Newspaperly WordPress Theme