Abawuvali umlomo abantu ngesenzo sikathisha ovele kwezokuxhumana ephethe umntwana womfundi ukuze akhone ukubhala izivivinyo zakhe.
UNtethe Manyoni odabuka eBergville eWoodford ofundisa iHistory kwa grade10-12 esikoleni iDaspoort Secondary ePretoria uphenduke isilomo wawina izinhliziyo kwabaningi ngobuntu abukhombisile egadela umfundi umtwana.
INtatheli yephephandaba ixoxisane naye lothisha ukuze ithole kabanzi ngaloludaba uveze ukuthi esikoleni asebenza kuso bane motto ethi “ No learner left behind” okungukuthi nanoma isiphi isimo umfundi abhekana naso kungumsebenzi wabo ukuthi bangamushiyi ngaphandle ukuze ezophasa afane nabo bonke abantwana.
UMfundi wakhe owenza uGrade 11 uke waba nesimo sokungakhoni ukubhala izivivinyo ngoba wayengenaye umuntu ozomgadela ingane ngoba ugogo okunguye ahlala naye wayegula. Umfundi wabe esemazisa ukuthi uyafisa ukuzobhala kodwa unalenkinga,wabe esethetha isinqumo sokuthi amyalele ukuba eze nomtwana uzomgadela ukuze azokhona ukubhala, nakanjani umfundi wabe esefika naye umtwana wamgadela kusukela ngehora lesishiyagalombili kwaze kwaba lihora lesine ntambama eseqedile ukubhala lamaphepha amabili angawabhalanga.
UManyoni ube nomlayezo awubhekise kwabanye othisha othi” uthisha kumele afundise futhi aphathe abantwana ngokulingana kumele abe necebo lokulekelela abafundi ngezindlela eziningi.