Bakhathazekile abazali baselimehill High School eMnambithi emva kokuthi abantwana bethe befika izolo esikoleni bathola kufazweimali engozuka abamnyama isikole sonke.
Kuthiwa abantwana nothisha bahlangatshezwe yilesi simo befika emasangweni esikole izolo nokube umzukuzuku kuzanywa ukuthi koqondakale ukuthi ubani lona obefaza labozuka esikoleni. Lomzali, igama lakhe esiligodlile uthi bona njengabazali sebehlalele ovalweni ngoba kubo lokhu kusho ubuthakathi, “akekho umuntu ongavele avuke ayofafaza imali emnyama esikoleni, inobuthakathi lento, kanti vele nezingane zethu kancane kancane ziyagula.” kuchaza lomzali.
Umthombo waleliphephandaba ongaphakathi esikoleni usiqinisekisile lesi sigameko waveza nokuthi ukhona umuntu obonakalayo kumakhamera esikole efafaza into ethile engathi uyachela. nanoma kungacaci kahle ukuthi uyabonakala yini ukuthi ubani lona ochelayo, kodwa sekukhona ukukhombana okukhona ngaphakathi esikoleni.
Akwaziwa noma ikhona yini imizamo eyenziwe ukuze kutholakalr ngempela ukuthi ngubani owenze lokhu futhi ubeqondeni. Imizamo yokuthola uSihlalo wesigungu sabazali iphunzile.