Ihhovisi lesifunda iTshwane South lathola isicelo ukuthi abafundi base Pretoria Girls High bahlela imashi ngoLwesihlanu mhla ka 19 Julayi Kulandela ukuvulwa kwe WhatsApp Group ivulwa ngabafundi abamhlophe abayisebenzisa ukuhlambalaza nokucwasa abafundi abamnyama.
Izikhulu zesifunda zibe sezibiza umhlangano ophuthumayo nabafundi abebehlele imashi, bathole ukuthi sekunesikhathi yaqala le nkinga nothishanhloko uyalwazi loludaba kodwa akathathi zinyathelo.
Kuthiwa nethimba eliphethe esikoleni liyabacindezela abafundi abamnyama bekhombisa uthando kwabamhlophe.
Lesi sikole asiqali ukuvela ezindabeni ngezinsolo zokucwasa ngoba ngo-2016 kwasuka umsindo ngesikhathi kubhikisha abafundi abamnyama bekhala ngokucwaswa nokucindezelwa ngenxa yezinwele zabo okwakuthiwa zimbi futhi akumele zihlale zingalukiwe ngoba kazibukeki kahle.
Abafundi abathintekayo bamisiwe bazobizelwa esigcawini sokuqondiswa uzigwegwe uMnyango wezeMfundo uzoqhuba ukuphenyo ngalezizinsolo